News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

UZOQHUMA PHEZULU UMASKANDI EZINHLELWENI ZE METRO FM

UZOQHUMA PHEZULU UMASKANDI EZINHLELWENI ZE METRO FM
Umculo kaMaskandi usuzoqhuma phezulu kwiMetro FM. Lokhu kuzwakaliswe uNada Wotshela ophethe imisakazo eSabc, izolo eThekwini kwethulwa amaMetro FM Awards.

Uthe sekumgumlando ukuthi amaMetro FM azobanjelwa kulesi sifundazwe, edolobheni iTheku. Lomcimbi uke waba khona la eThekwini kodwa waphinde wahamba waya eMpumalanga, eMbombela njengoba sewubuyile nje.

Umphathi wedolobha iTheku uMusa Mbhele obebukeka ethokozile uthe, amaMetro FM azohlala iminyaka emithathu yonke eThekwini.

"Kuningi okuzozuzwa iTheku kulobu budlelwano esibuqalayo. Sizokhipha uR60 million, okusho ukuthi kuzoba uR20 million njalo ngonyaka, kodwa sizophuma namaBillion njengomkhandlu, nalapho okuzozuza kakhulu abantu bakuleli dolobha," kuchaza uMbhele.

Umphathi wamaciko ngaphansi kwenhlangano iCCIFSA uMntwana uThokozani "Tzozo" Zulu uthe bakuthokozela kakhulu ukuza kwamaMetro kuleli dolobha. 

"Sinethemba lokuthi amaciko azozuza okuningi ngamaMetro njengoba kuzomele anandise ezindaweni eziningi ngaphambi kosuku lomcimbi," kubeka uMntwana.
Le ndumezulu yomcimbi izobanjelwa eThekwini ngomhlaka 25 April 2026
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo