News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO
LINDOKUHLE NGCOBO 

Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 2026. Kulo mcimbi amasango azovulwa ngehora lesi-9h00 ekuseni avalwe ngehora lesi-20h00 ebusuku.

UMqondisi we-GraceGate Media & Arts uMnuz Siboniso Mbambo uthi lo mcimbi awugcini nje ngokuba inkundla yomculo kodwa uwuhlelo lwezamagugu nezokuvakasha lasedolobheni olubizwa nge-Roots & Redemption. Wathi lolu hlelo luhlose ukuxhumanisa izindaba zomlando wendawo, imiphakathi, intsha, amaciko kanye namabhizinisi asafufusa endaweni.


"I-Gospel in the Park iyisimemo sokuzozibonela iMgungundlovu njengendawo enamasiko aphilayo, inkumbulo ehlanganyelwe nethemba. Sifuna imindeni, izivakashi nezimfundo bazoletheka ngezwi lomculo kodwa baphinde babone abantu, izindaba namathuba enza leli dolobha libe ngelikhethekile." kuchaza uMbambo.

Umcimbi uholwa iqembu elidume umhlaba wonke, i-Joyous Celebration. Ngaphezu kwalokho, kunesisindo esikhulu sabaculi abazobe bashiyelana inkundla okubalwa kubo uNtokozo Ngongoma, Mbongeni Kheswa, Phindi P, Jumbo, Sneziey, Luleko, Londiwe ka Masondo Cele, Sgwili Zuma, Mthokozisi Zakwe, Putuma Tiso noPs. Sebeh Nzuza. Lolu hlelo olushisayo luzobe lushayelwa ngu-MSA Mahlangu no-Zama Ngcobo (uMadongwe).


Amathikithi aseqalile ukudayisa ezitolo zikazwelonke, ajwayelekile (General Admission) abiza inani lika- R350, kuthe awe-VIP adayisa ngenani lika R680 eWebtickets kanye nasezitolo zakwa-Pick n Pay.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose