News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

UZA NOKUSHA UMSAKAZI OBEGWETSHELWE AMAHHALA

UZA NOKUSHA UMSAKAZI OBEGWETSHELWE AMAHHALA
Umsakazi we-Inanda 88.4 FM, uPro Ndlovu owabhadla ejele iminyaka engu-7 ngecala lokubulala adonsa kanzima ngalo ekubeni engalenzanga, usethule ngokusemthethweni umkhankaso i-From Prison to Palace Comedy. Lolu wuhlelo elingumncintiswano lokuthungatha osomahlaya abasafufusa emphakathini ngenhloso yokulwa nobugebengu. Lo mkhankaso, ohlelwe yi-The Sthembiso Pro Ndlovu Foundation ngokubambisana noMasipala weTheku kanye nomsakazo i-Inanda 88.4 FM, wethulwe ngokusemthethweni namhlanje ezindlini zomsakazo Inanda FM, eNanda enyakatho neTheku namhlanje.

Echaza uNdlovu uthe ukwandiswa kwamaphoyisa nezikhali akusona isixazululo esiphelele sokulwa nobugebengu emphakathini.

"Ngesikhathi ngiboshwa, ngangenza unyaka wami wokugcina eDurban University of Technology (DUT). Ngangenza amahlaya nezinye izinto zokungcebeleka. Ngesikhathi sengingaphakathi ejele, ngaqhubeka nokuhlela imicimbi lapho abantu abanjengoSimphiwe Shembe baze bafika khona ukuzoseseka," kusho uNdlovu.

Uqhube wathi ubonile ukuthi intsha eningi eboshiwe inamakhono amangalisayo kodwa inkinga enkulu wukuthi ayikaze ithole amathuba okuthi amakhono ayo abonakale ngenkathi isemaphakathini. 

Abafisa ukungenela lo mncintiswano bavunyelwe ukwenza njalo kusukela kusasa. Izicelo zivalwa mhlaka 16 September 2026. Nendlela yokungenela imi kanje: Qopha ividiyo yakho ushaya amahlaya. Yifake ezinkundleni zokuxhumana ezifana neFacebook, TikTok, noma u-X ( lowo owayaziwa ngeTwitter). Faka i-hashtag ethi #FPTPComedySearch26 kuleyo vidiyo.

Amajaji alo mncintiswano azobe eholwa ngosomahlaya abaphambili okubalwa kubo uSimphiwe Shembe, Justice Kubheka noSimthande Myeza. Lawa majaji azohlunga osomahlaya abawu-10 abazongena kowamanqamu. Umcimbi omkhulu uzoba mhlaka 25 September 2026, esikhungweni sezobuciko i-The Bat Centre, eThekwini. Osomahlaya abathathu abazodla umhlanganiso bazohlanyela isiteki semali esiwu-R15 000.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo