News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

IKHUZA  IBUYA IBEACH FEST YODUMO
SIZWE BLOSE 

Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember.

I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathikithi ayo eTicket  Pro,  kanti lomsakazo uqalile futhi ukudedela uhlu lwamaciko azokube enandisa kulendumezulu yomcimbi.

Esinye sezikhulu zomsakazo, uPinky Myeni sithe, bona njengomsakazo basithokozela kakhulu lesi sikhathi kanjalo nalomcimbi.

 "Into eba mnandi kakhulu ngeBeach Fest ukuthi sithola isikhathi sokuhlangana nabalaleli bethu, kusho uPinky.

 Ungqungquzela abantu ukuthi baphuthume bathenge amathikithi ukuze bazibonele izintandokazi  zabo ezingabasakazi kanjalo namaciko azokube enandisa.

Lomcimbi uzokuba ngomhlaka 5 December kuwuMgqibelo
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo