News Avenue
News / Izindaba

UYAVELA ENKANTOLO UMSOLWA OKUDALA EFUNWA AMAPHOYISA

UYAVELA ENKANTOLO UMSOLWA OKUDALA EFUNWA AMAPHOYISA
Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo kaMantshi eThekwini, kusasa mhlaka 25 September 2026, umsolwa oneminyaka emihlanu ebalekela amaphoyisa. Umsolwa uboshelwe amacala amaningi okubulala abantu abangu-9 eSydenham, eThekwini ngomhlaka-16 October 2021.

Kuvela ukuthi amaphoyisa ophiko lwamacala okubulala nokubamba inkunzi athole umsolwa endaweni yase-Obuka, eMelmoth, lapho bekuvele kutholakale ukuthi ubenesikhathi ebhacile khona.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthi kuleli cala kuhlonzwe abasolwa ababili.

"Omunye wabasolwa utholakale eMpangeni kodwa wadutshulwa washona ngesikhathi edubulana namaphoyisa ngesikhathi ezama ukubalekela ukuboshwa," kubeka uNetshiunda.

Eqhuba udalule ukuthi kubantu abangu-9 abashona, abangu-6 kubo badutshulwa ngesikhathi kade besendlini emjondolweni wasePalmiet Road. Wathi abanye abathathu badutshulwa ezigamekweni ezimbili ezahlukene eziseduze naleyo ndawo ngosuku olulodwa.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUMBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose