News Avenue
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA
SIZWE BLOSE 

Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela,  oyedwa kubona washonela esibhedlela, nokusho ukuthi bangu 11 abantu asebefile ngenxa yalukho kudutshulwa.

Okhulumela  amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe njengamanje amaphoyisa asaphenya, okwamanje athole amabhodlela otshwala endaweni yesigameko.

 "Kuphinde kusolakale ukuthi kunamaqembu ezigebengu," kuchaza Netshiunda eqinisekisa ukuthi abenzi bobubi bazotholakala.

Kuphinde kuvele ukuthi lona oshonele esibhedlela kungenzeka ukuthi ubezithwele.

Ngo 1987 kwabulawa abantu abevile ku 11 emzini wakwaNtuli endaweni engaqhelelene nalapho kwenzeke khona lesigameko.

Ngo 2004 kwabulawa abantu abahlanu abathathu nomndeni behlaselwa ngezibhamu
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

UMAVAVA UZOBEKA OSOMABHIZINI ABANCANE EQHULWINI

LINDOKUHLE NGCOBO Uthembisa ukubeka eqhulwini ukuthuthukiswa kosomabhizinisi abancane, uMnuz Sizwe Mavava Sikhakhane onguSihlalo we-IFP esiyingini saseThekwini nokhankasela isikhundla sokuba iPhini likaMeya kuleli dolobha. Ekhuluma esith...

Sizwe Blose Sizwe Blose