News Avenue
News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUMBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

LIKHUTHAZE UBUMBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE
Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi  belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje.

Ngendlela ebephume ngayo amaNazaretha bewungaze ufunge ukuthi kuziwe emhlanganweni wawo.

UNyazi luke lwathatha isikhathi ukuthi luphume emotweni, kangangoba umphathi wohlelo,  uNgqongqoshe wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko uMntomuhle Khawula uze wacela iMeya yeTheku uCyril Xaba ukuthi emukele izihambeli. Ithe isabamba umbhobho lwaphuma uNyazi kwi emotweni yalo, kwaqhuma u-Amen kumaNazaretha, uMeya kuphoqeleke ukuthi athi ukulinda.

UNyazi lube seluvala inkulumo yalo ngomkhuleko kwabe sekuqala uhlelo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

UYAVELA ENKANTOLO UMSOLWA OKUDALA EFUNWA AMAPHOYISA

Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo kaMantshi eThekwini, kusasa mhlaka 25 September 2026, umsolwa oneminyaka emihlanu ebalekela amaphoyisa. Umsolwa uboshelwe amacala amaningi okubulala abantu abangu-9 eSydenham, eThekwini ngomhlaka-16 Oct...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose