News Avenue
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO
LINDOKUHLE NGCOBO 

Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku emgwaqeni u-N2 eduze kwasePark Rynie, e-Umdoni Coast.

Ngokusho koMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal(KZN) oholwa uMnuz Siboniso Duma, ithimba elikhethekile le-RTI lihlanganyele namaphoyisa kazwelonke ukucwaninga ubufakazi bokuhlolwa kwesidumbu, ngenhloso yokuthola imbangela yokusha kwemoto yombuso.

UDuma uchaza umufi njengeqhawe ebelizikhandla futhi ebelihlonishwa ngenxa yokuzipha kahle nokuzinikela emsebenzini. Kulindeleke ukuthi iNhloko yoMnyango uMnuz Zibusiso Dlamini ihole ithimba elizovakashela umndeni wakwaSimpson ePark Rynie namhlanje.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

UMAVAVA UZOBEKA OSOMABHIZINI ABANCANE EQHULWINI

LINDOKUHLE NGCOBO Uthembisa ukubeka eqhulwini ukuthuthukiswa kosomabhizinisi abancane, uMnuz Sizwe Mavava Sikhakhane onguSihlalo we-IFP esiyingini saseThekwini nokhankasela isikhundla sokuba iPhini likaMeya kuleli dolobha. Ekhuluma esith...

Sizwe Blose Sizwe Blose