News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

UXOSHELWE UKUNGAZIPHATHI KAHLE ENDLINI UNELISWA

UXOSHELWE UKUNGAZIPHATHI KAHLE ENDLINI UNELISWA
Lindokuhle Ngcobo 

UXOSHWE ngokuphazima kweso uNeliswa, ohlelweni iBig Brother Mzansi namuhla. Lokhu kulandela isigameko esenzeke izolo ebusuku. Lapho kube khona ukungaboni ngaso linye phakathi kukaDidi noQue kwaze kwangenelela uNeliswa, othathe into yokubeka ivasi, ezoshaya ngayo uQue, obelele embhedeni.

UBig Brother uthathe isinqumo sokumkhomba indlela uNeliswa ngenhloso yokuvikela izimpilo zabanye. Maqede(uBig Brother) wadedela isibhaxu somlomo kuDidi noQue.
Kwenzeka lokhu nje, uBig Brother ubesanda kukhipha uDube, ngaba ethole amavoti amancane kunabanye.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo