News Avenue
Sports / Ezemidlalo

UTEBOHO UBONGE UTAU EHLANGANISA IMIDLALO ENGU 50 KWIBAFANA

UTEBOHO UBONGE UTAU  EHLANGANISA IMIDLALO ENGU 50 KWIBAFANA
UMDLALI weBafana Bafana uTeboho Mokoena ubonge uPercy Tau,  ebungaza imidlalo engu-50 eqenjini lesizwe. 

UMokoena uveze lokhu ngemuva komdlalo wesihle weBafana neZambia, izolo eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha. Lapho iqembu lesizwe lakulele linqobe ngo 3-1.

Amagoli eBafana ashawe u-Oswin Appollis, Mohau Nkota noSiphephelo Sithole, kwathi eleZambia lashawa uJoseph Sabobo.

"Ngiyajabula ukuthi sekuze kwafika lana, akukho kuncane ukudlala imidlalo engu-50 eqenjini lesizwe. Ngithanda ukubonga uPercy Tau ngokungikhuthaza. Ngisho engekho lana kodwa likhulu iqhaza alibambile ukuze ngigcine ngithole ithuba elanele kwiBafana Bafana,"

UMokoena ungomunye wabadlali abayizethenjwa eqenjini lesizwe eliholwa umqeqeshi uHugo Broos. Kuzokhumbuleka ukuthi uMokoena waqala ukugijima kwiBafana ngesikhathi sikamqeqeshi uStaurt Baxter.

Lo mdlalo weBafana ubuyingxenye yokulungiselela imidlalo ye-AFCON ezoba se Morocco ngenyanga ezayo(December).
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose