KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS
kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini.
Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe imiphumela engagculisi. IBay isidlale imidlalo eyisithupha yeligi ngaphandle kokunqoba. Kule midlalo, leli qembu lishawe kathathu ladlala ngokulingana kwemithathu, okubeke ingcindezi enkulu kubaphathi nakubalandeli.
Ngokusho kwesitatimendi esikhishwe iNatal Rich Boys namhlanje, kuvele ukuthi uGabriel unqume ukuzisulela yena ngokuphuthuma ukuze kuvule amathuba amasha eqenjini. Abaphathi beBay babonga lo mqeqeshi ngemizamo yakhe, ukuzikhandla kanye negalelo alikhombisile ngesikhathi ephethe izintambo. Iqembu limfisele ikusasa eliqhakazile. Kulindeleke ukuthi abaphathi beNatal Rich Boys bamemezele umqeqeshi wesikhashana maduzane ozohola iqembu emdlalweni olandelayo weligi.