INGQAYIZIVELE YETHUBA KOWAKWAMASHU OZIFELA NGAMAHHASHI
“Lelithuba alandele bani. Ngililindele kakhulu ngoba nginesifiso sokuba ngiyoncela ulwazi ukuze ngibe umgibeli wamahhashi ovelele,’’ kuchaza uNgobese.
Uthe phakathi kwemjaho afuna ukuyidlala eminyakeni ezayo kubalwa kuyo iHollywoodbets Durban July, Summer Cup kanye neminye emazweni aphesheya kwezilwandle ngelinye ilanga.
“Lokhu kulele ekutheni ngisebenze ngokukhulu ukuzimisela. Ingakho kulolu hambo lwami lwase-England kufanele ngifunde konke,’’ kusho uNgobese.
Ukusho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni kwesigaba sokuqala sokuthuthukiswa kwalesi sikhungo esizinze eShongweni, entshonalanga yeTheku.
Inhlangano iHollywood Foundation isibeke eceleni imali elinganiselwa ku-R17,3 million ukuthuthukisa ingqalasizinda kulesi sikhungo, okuzothatha izigaba eziwu-9.
Ngokusho kuka Mnuz Devin Heffer oyisiKhulu esiphezulu kwinhlangano eyisikhondla khondla iHollywood Group uthe ukuthuthukiswa kwalesi sikhungo akusho nje ukuthuka kwengqalasizinda kodwa kusho ukulekelela intsha, ukutshala kwemboni yezomjaho yamahhashi kanye nokuthuthukiswa kwezomnotho kwisifundazwe iKwaZulu-Natal.
UNksz Tarryn Mason onguMqondisi Jikelele kulesi sikhungo unanele emazwini ka Heffer wabonga igalelo kwi Hollywood.
“Sibonga nje ukuthi nibone ingqalasizinda. Lokhu kuzo hamba ibanga elide njengoba lesi sikhungo sesikhiqize abagibeli bamahhasho abaningi kusukela sasungolwa eminyakeni engu-69 eyedlule,’’ kusho Mason.