News Avenue
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES
LINDOKUHLE NGCOBO 

Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuqala wehlula izitha emidlalweni emithathu, kwathi owodwa waphela ngokulingana. Lo mklomelo ukhombisa ukuzinza okuqhubekayo kwe-Pirates ngaphansi kwalo mqeqeshi waseMorocco.

Umgadli we-AmaZulu FC Thandolwenkosi Ngwenya waseZimbabwe, uqokwe njengomdlali ovelele wenyanga ka-August. Lo mgadli oneminyaka engu-23 ushaye amagoli amahlanu emidlalweni emine nje kuphela, okuyikhona okusize Usuthu ukuthi luhlale endaweni yesine kwi-log yeligi njengamanje.

UBrayan León ongumgadli weMamelodi Sundowns FC, uthole umklomelo wegoli elihle lenyanga (Goal of the Month). ULeón uthole lolu dumo ngenxa yegoli lakhe eliyingqayizivele alishaya ngesikhathi i-Sundowns ibhaxabula AmaZulu  ngo 5-2, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli ngenyanga edlule.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose
Sports / Ezemidlalo

UMESSI USETHI KHUMU EBHOLENI LOMHLABA

LINDOKUHLE NGCOBO Isihlabani sebhola likabhutshuzwayo uLionel Messi sesimemezele ngokusemthethweni ukuthi sesithatha umhlalaphansi emidlalweni yamazwe eqenjini lesizwe i-Argentine. Lesi sinqumo silandela ukuhlulwa kwe-Argentina ngo 1-0, ...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo