News Avenue
Sports / Ezemidlalo

USUKAZI UTHI NOMA KANJANI UYAQHUBEKA UPARKER

USUKAZI UTHI NOMA KANJANI UYAQHUBEKA UPARKER
LINDOKUHLE NGCOBO 

Umphathi weTS Galaxy FC uTim Sukazi uqinisekise ngokusemthethweni ukuthi uBernard Parker usezoqeqesha ngokugcwele iqembu lakhe(Sukazi) ngesizini ka-2026/27, eshintsha isinqumo sakhe (Sukazi) sangaphambilini.

USukazi utshele iTimesLIVE ukuthi lesi sinqumo “siyinto enengqondo” ngemuva kokuthi uParker asindise iqembu ezembeni ngasekupheleni kwesizini edlule.

"Asikho isidingo sokuchaza kakhulu, kumele usebenzise ingqondo nezizathu. Silana njengamanje sinomqeqeshi osemncane, waseNingizimu Afrika, oyinkakha yebhola eseqopheleni eliphezulu. Wenze umsebenzi omuhle ngemuva kokunganqobi kwethu emdlalweni engu 10, ilandelana," kuchaza uSukazi.

Sekungumlando ukuthi ekuqaleni kukaMay 2026, uSukazi wayekuphikile ukuthi uParker uzothola isikhundla esigcwele, ethi iklabhu izoqoka kuphela umqeqeshi one-UEFA Pro Licence noma i-CAF A.

UParker uthathe isikhundla sokuba ngumqeqeshi wesikhashana ngo-April ngemuva kokuxoshwa kuka-Adnan Beganovic.

Ngaphansi kukaParker, iqembu likwazi ukuqoqa amaphuzu emdlalweni emihlanu yokugcina yeligi yeBetway Premiership. AmaRockets, adlale ngokulingana neMagesi FC, Marumo Gallants FC, Chippa United neLamontville Golden Arrows FC, anqoba ngo 1-0 kwiMamelodi Sundowns FC.

I-Galaxy iphinde yafinyelela kowamanqamu weNedbank Cup ngaphansi kukaParker, lapho yahlulwa khona ngo 2-1 yiDurban City.

UParker owayengukaputeni weKaizer Chiefs nomdlali weBafana Bafana, udlalele iGalaxy ngaphambi kokuthi athathe umhlalaphansi ngonyaka ka-2024. Ubuye waba ngumqeqeshi wesikole sentsha sekilabhu.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose