News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

USOMAHLAYA UTHEMBISA INTO YAMEHLO KOKATHENJIWE UNPLUGGED

USOMAHLAYA UTHEMBISA INTO YAMEHLO KOKATHENJIWE UNPLUGGED
LINDOKUHLE NGCOBO 

UZOVEZA okuhlukile ngaye esiteji usomahlaya, uThandokwakhe "Thando Comedy" Mseleku, emcimbini wokwamukela usomahlaya waKwaMashu osezinze e-United Kingdom, uThenjiwe Moseley, iThenjiwe Unplugged ePlayhouse, eThekwini mhlaka 3 October 2025. 

Lo mcimbi wezinsuku ezimbili uzoqhubeka eThe George Hotel, eSwazini ngomhlaka 4 October 2025. 

UThando Comedy utshele iNews Avenue ukuthi uzoqhulula amahlaya amasha kulo mcimbi. 

"Abantu bangalindela ukubona uhlangothi lwami engingakaze ngaliveza ezweni phambilini.

 Bayomangala khona ngoba abaningi bayazibuza ukuthi ngizobe ngenzani esiteji ngoba bangazi ngiwumuntu omningi emsebenzini wamavidiyo asezinkundleni zobuchwepheshe besimanje," kuchaza uThando Comedy. 

Eqhuba udalule ukuthi lo mcimbi uzoshiya abantu bemangele njengoba uzobe uqukethe amahlaya abazowahleka unyaka wonke. Wathi zibeningi izimo izwe elibhekene nazo, ezeseka ngelithi lo mcimbi uyinto abantu abayidingayo ukwehlisa ukucindezeleka.

Abanye osomahlaya abazoba kwiThenjiwe Unplugged, uFlymotion noMdura. Amathikithi atholakala eWebtickets naseMoja Tickets abiza inani lika-R200.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo