News Avenue
Sports / Ezemidlalo

USETHI KHUMU UNOZINTI WE DURBAN CITY

USETHI KHUMU UNOZINTI WE DURBAN CITY
UNOZINTI weDurban City FC uDarren Keet(36) waseKapa, usememezele ngokusemthethweni ukuthi uzothatha umhlalaphansi ebholeni elikhokhelwayo  ekupheleni kwezisini ka 2025/26.

UKeet uthathe lesi sinqumo ngemuva kokunqoba indebe yeNedbank Cup neDurban City FC, lapho iCity ihlule khona iTS Galaxy FC ngo 2-1 kowamanqamu obubanjelwe eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoMgqibelo. 

"Kuhle ukuhamba usesezingeni eliphezulu. I-Nedbank bekuyindebe yami yokuqala kule sizini futhi kuzoba ngeyokugcina. Isinqumo ngisithathe ngokubonisana nomkami. Sifuna ukubuyela emuva siyohlala eKapa," kubeka uKeet ojoyine leli qembu laseThekwini, esuka kwiCape Town City FC ekuqaleni kwale sizini.

UKeet ungomunye wonozinti  abavelele kule sizini, uqale ukudlala ebholeni elikhokhelwayo kwiVasco Da Gama, wadlulela kwiBidvest Wits ngonyaka ka 2008, nokuyilapho anqobe khona okokuqala indebe yeNedbank Cup ngesizini ka 2009/10. Ngonyaka ka 2011 uKeet uwelele phesheya kwezilwandle wayogijima eqenjini  laseBelgium iKV Kortrijk. Nokuthe  ka 2016 lo nozinti waseKapa wabuyele kwiWits, wanqoba nayo isicoco seligi nendebe yeMTN 8 ngesizini ka 2016/17.
UKeet udlalile naseqenjini lesizwe iBafana Bafana, adlale kulo umdlalo wakhe wokuqala ngoSeptember 2013, ebhekene neZimbabwe.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose