News Avenue
Sports / Ezemidlalo

USEFUNA IHHASHI LAKHE NGQO UMGIBELI WAMAHHASHI

USEFUNA IHHASHI LAKHE NGQO UMGIBELI WAMAHHASHI
LINDOKUHLE NGCOBO 

Ufuna ukuba ngumnikazi wamahhashi umgibeli wamahhashi wesifazane, uNolwazi Nxumalo oneminyaka engu-20 ubudala, wase-Elandskop, eMgungundlovu.

Le ntokazi egibele ihhashi elingu-Imfenemavovo, ibingenele uMjaho wesithupha emcimbini womtelobhelo wamahhashi iDundee July, eNdumeni Horse Racing Track, eDundee namhlanje, itshele iNews Avenue ukuthi njengoba ifunda eKapa isebenze, inenjongo yokonga imali ukuze ithenge ihhashi layo.

"Eminyakeni emibili, emithathu ezayo ngiyazibona nginehhashi lami, ngoba khona imisebenzi engiyibambayo. Kukhona imali engiyitholayo, mhlawumbe nami ngingakwazi ukuthola ihhashi lami, ngize lana eDundee ngincintisane nabanye. Empeleni ngiyabona ukuthi nami ngingaba namahhashi ami," kusho uNxumalo ozakhele igama kulo mjaho(Dundee July) wamahhashi ngemuva kokuwunqoba ngo-2021.

Ngeshwa likaNxumalo kulo nyaka ihhashi aligibelayo liyaxhuga.

Lo mcimbi ohambisana nemfashini uhlelwe uMnyango ezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, oholwa nguNgqongqoshe uMnuz uMntomuhle Khawula. Umjaho omkhulu oxhaswe Amathole Funerals, unqotshwe ihhashi elingu-Impendulo eligitshelwa uSiyabonga Mabaso, eliwine imali engu-R600 000. Kwathi umjaho owandulela omkhulu oxhaswe iHollywoodbets, unqotshwe ihhashi elingu-uMbayimbayi eligitshelwa uMelusi Gamade, owine imali engu-R300 000.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose