News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

USEBENZISA UMCULO UKWALULEKA NGOTHANDO NOKUQHAKAMBISA ISINTU

USEBENZISA UMCULO UKWALULEKA NGOTHANDO NOKUQHAKAMBISA ISINTU
UMCULI we-Afro,6 RnB & Soul uSibusisiwe "Siibu" Shangase usebenzisa umculo ukuxoxa izindaba, uthando nokuqhakambisa isintu sakwaZulu. Le ntokazi yaseThekwini idume nge-EP yokuqala, ethi "A Zulu Lover Girl". Ezinye zezingoma zika Siibu ezaziwayo kubalwa i-Needy, Iduku, Ngiyeza neBuya. 

Utshele iNEWS AVENUE ukuthi uqale ukucula esontweni, nokuyilapho umculo wokholo wakhanda iphimbo lakhe wakwazi ukudlulisa umlayezo onamandla.

"Ngikhuthazwa kakhulu ukuba nofuzo lokuxoxa izindaba, engasheshe ngaluthola ngenxa yokusebenzisana kukamama noMbongeni Ngema ongasekho emhlabeni. Ngikhule nginephimbo elithambile kodwa elinamandla," kuchaza uSiibu onesizinda kwezemidlalo yeshashalazi(theatre).

Njengoba uSiibu eqeqeshwe ngu-Edmund Mhlongo KwaMashu Community Advancement  Projects, ngaphakathi kwi-Ekhaya Multi  Arts  Centre. Nokuyilapho uSiibu wathola ithuba lokulingisa umdlalo iSarafina, eyabhalwa uMbongeni Ngema noNandi. USiibu waphinde wadlala umdlalo iThe Musical, ebhalwe uMhlongo, eThe Playhouse Company. Lokhu kwakhulisa kakhulu ikhono lakhe(Siibu) lokulingisa  kwamenza, wafinyelela emdlalweni waku- eTV iSmoke and Mirrors.

USiibu uhlele ukwenza umcimbi wakhe wokuqala, obizwa ngokuthi iSiibu Presents A Zulu Lover Girl, ngomhlaka 25 April  2026, eHue Cafe, eThekwini.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo