News Avenue
Sports / Ezemidlalo

USADIO MANE USETHI KHUMU KWI-AFCON

USADIO MANE USETHI KHUMU KWI-AFCON
Lindokuhle Ngcobo 

USADIO Mane (33) ongumdlali weSenegal, ubedlala okokugcina kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) izolo, ngesikhathi izwe lakhe lishaya iMorocco ngo 1-0 emdlalweni wamanqamu, ePrince Moulay Abdellah Stadium,  eRabat ezweni laseMorocco.

Lokhu kuqinisekiswe uMane emva kwalo mdlalo. 

"Ngeshwa bekuwumdlalo wami wokugcina Kwi-AFCON. Kwelandelalayo ngizobakhona njengendoda yesi 12, ngizokweseka iSenegal," kubeka uMane.

UMane unqobe umklomelo wokuba ngumdlali ovelele kulo mqhudelwano abewunqoba okwesibili, njengoba wawunqoba okokuqala ngonyaka ka 2021.

Lo mdlali oneminyaka engu 33 ubeyiqhawe elanda abadlali be-The Lions of Teranga ezindlini zokushintshela sebedube umdlalo. Abadlali be Senegal bayalelwe umqeqeshi wabo uPape Thiaw  ukuba badube umdlalo ngemuva kokuthi iMorocco ithole iphenathi ngomzuzu wokugcina. 

UThiaw uzwakale ethi, "Ngeke ngeke uphike igoli lami, ngesikhashana esincane usunikeza abantu esidlala nabo iphenathi,".

Nokho abadlali beSenegal babuyile enkundleni, u-Édouard Mendy waqopha umlando evimba iphenathi kaBrahim Diaz waseMorocco. 

I-The Lions of Teranga inqobe ngegoli likaPape Gueye alishaye ngesikhathi esengeziwe.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose