News Avenue
Sports / Ezemidlalo

UMESSI USETHI KHUMU EBHOLENI LOMHLABA

UMESSI USETHI KHUMU EBHOLENI LOMHLABA
LINDOKUHLE NGCOBO 

Isihlabani sebhola likabhutshuzwayo uLionel Messi sesimemezele ngokusemthethweni ukuthi sesithatha umhlalaphansi emidlalweni yamazwe eqenjini lesizwe i-Argentine. Lesi sinqumo silandela ukuhlulwa kwe-Argentina ngo 1-0, emdlalweni wamanqamu weNdebe yoMhlaba ka-2026 obubanjwe e-USA, lapho i-Argentine ishaywe khona iSpain emizuzwini eyengeziwe.

UMessi oneminyaka engu-39 ubudala, uthi sesifikile isikhathi sakhe sokuthi anikeze intsha ithuba eqenjini lesizwe.

"Kube yisinqumo esibuhlungu kakhulu kodwa ngiyazi ukuthi isikhathi sesikifile. Ngikwenze konke ebengingakwenza kuleli qembu," kubeka uMessi.

Eqhuba udalule ukuthi ukushona kukayise, uJorge Messi ekuqaleni kwale nyanga, kuqinise kakhulu isinqumo sakhe(uMessi) sokushiya ibhola lamazwe.

UMessi ushiya i-Argentine eqophe umlando, uhlale isikhathi eside kunabo bonke eqenjini, njengoba edlale imidlalo engu-207, ushaye amagoli awu-125, unqobe iNdebe yoMhlaba eyodwa ngo-2022 nezicoco zeCopa America ezimbili.

Noma uMessi eshiya iqembu lesizwe kodwa abalandeli bakhe bazoqhubeka nokumbona emidlalweni yamaqembu njengoba esadlala e-USA eqenjini i-Inter Miami.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose