News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

UMSAKAZI UBHOBOKA NGOKUMISWA EMOYENI

UMSAKAZI UBHOBOKA NGOKUMISWA EMOYENI
Umsakazi weKhaya FM uSol Phenduka ubhoboke okokuqala ngokumiswa kwakhe kulo msakazo.

Ekhuluma kwi Podcast & Chill, uSol uthe kumumangazile ukumiswa kwakhe. "Ngibizwe emhlanganweni ngatshelwa ukuthi ngiyamiswa izinsuku ezingu 7. Ngimiselwa icala likaMinnie Dlamini," kuchaza uSol ekhuluma noMacG noGhost Lady.

USol uthe yena ngokwakhe ubezitshela ukuthi mhlawumpe bazobeka isizathu sokuthi, ufake isiteshi ehlazweni ngezinto azenza ngaphandle.

 Uthe okumthuse kakhulu ukuthi kuthiwe angayithi vu lendaba. Kodwa ngakolunye uhlangothi umsakazo ukhipha isitatimende ngokumiswa kwakhe.

UMac G ubuze uSol ukuthi yini kunabaphathi abasha yini. Uvumile uSol, uMac G wavele wathi naye waxoshwa kanje. Wabe esethi kuphelile ngoSol kwiKhaya FM.

Abukeka emancane amathuma okubuyela kwiKhaya FM kuSol, njengoba esephule neminye yemigomo yokumiswa kwakhe. Kuthiwe angayikhulumi lendaba kodwa nangu ekade eseyikhuluma, egxeka nesenzo sabaphathi bakhe.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo