News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

UMSAKAZI NOMLAYEZO OSHUBILE KWABAGXEKA UHLELO LWAKHE

UMSAKAZI NOMLAYEZO OSHUBILE KWABAGXEKA UHLELO LWAKHE
LINDOKUHLE NGCOBO

UMSAKAZI weGagasi FM nongusomahlaya uFelix Hlophe unengwa ngabagxeka uhlelo oluveza impilo yakhe, iLife with Felix Hlophe, olukhonjiswa kuMzansi Magic ngoLwesine ngehora lesi-8 ebusuku. 

Selokhu laqala ngoMay wakulo nyaka lolu hlelo, kukhona ingxenye yabantu ejwayele ukubhala ezinkundleni zokuxhumana ikhala ngokuthi luyabhora. Abanye balibeka ngembaba elokuthi kufanele luvalwe.

 Uhlelo lukaHlophe luveza impilo yomndeni wakhe, nemizamo yakhe yokuthatha isithembu njengoba enomfazi wakhe uTracy Smith-Hlophe. 

UHlophe ungene ekhasini lakhe lakuFacebook ngoLwesihlanu watshela abagxeka lolu hlelo ukuthi bayeka ukulibuka. 

"Anikwazi ukulokhu nivumela ukucasulwa into eyodwa njalo ngesonto. Okungcono fanele uyiyeke. Uyekele abayithandayo bayibukele. Uyayazi ukuthi idlala ngasikhathi sini yigweme nje kwaphela. Iremothi ihlala kuwena esandleni," kubeka uHlophe.

Nangaphansi kwalo mbhalo kaHlophe, bakhona abaqhubekile bamtshela ukuthi abagculisekile ngohlelo lwakhe(Hlophe), baphakamisa ukuthi aluvalwe. UHlophe uveze ukuthi nabo indlela abazama ukuziphilisa ngayo bewumndeni, wasola abalandeli ngokubaphuca(Hlophe) iphalishi.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo