UMQEQESHI WEPIRATES AKAZI LUTHO NGOKUHAMBA KWA RELE
Embikweni ocashunwe kwiDiski Times, u-Quaddou udalule ukuthi yena akazi lutho ngokuhamba kukaRelebohile. "Ngizwe kuthiwa angase aye kwa Israel noma eSaudi Arabia kodwa mina angazi lutho ngalokho yingakho edlale umdlalo wonke kwiMTN 8," kuchaza lomqeqeshi.
Uthe ungumdlali onohlonze noqeqeshwe yiPirates, wadalula ukuthi angakuthokozela ukuba naye esikwatini sakhe.
Yona a ike yavela kakhulu imibiko ehlanganisa Iomdlali neSaudi Arabia kodwa engakaqinisekiswa.