News Avenue
Sports / Ezemidlalo

UMQEQESHI WE RWANDA UNXUSA ICHIEFS UKUTHI IKHULULE UNOZINTI WASE RWANDA

UMQEQESHI WE RWANDA UNXUSA ICHIEFS UKUTHI IKHULULE UNOZINTI WASE RWANDA
UMQEQESHI weqembu lesizwe laseRwanda u-Adel Amrouche uthi iKaizer Chiefs kumele imkhulule unozinti wayo uFiacre Ntwari waseRwanda. 

Ekhuluma esithangamini sabezindaba eMbombela Stadium, eMpumalanga izolo, u-Amrouche uthi ngokwakhe uNtwari akuyena umdlali ofanelwe ukuhlala ebhentshini. 

"UFiacre ungunozinti ohamba phambili e-Afrika. Angiqondile ukubukela phansi unozinti odlaliswa kwiKaizer Chiefs. Lana esikwatini sethu abadlali bayamthanda futhi bayamhlonipha. Ngicabanga ukuthi uma unomdlali ofana noFiacre kuphakathi kokuthi uyamdlalisa noma uyamdedela eyodlalela elinye iqembu, " kuchaza u-Amrouche. 

Lo mqeqeshi ukhulume kanje nje, iqembu lakhe lizobhekana neBafana Bafana eqoqweni lika-C, emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2026, eMbombela Stadium ngehora lesi-6 namuhla ntambama. 

IRwanda eyashaya iBafana ngo 2-0 emlenzeni wokuqala, iya(Rwanda) kulo mdlalo wokugcina ukuyochitha icala njengoba ivele ingasenalo ithuba lokuya kwiNdebe yomhlaba yango-2026. 

Ngakolunye uhlangothi iBafana esendaweni yesibili ngamaphuzu angu- 15, inengcindezi yokunqoba lo mdlalo kumnyama kubomvu bese (iBafana) ithandazela ukuthi iNigeria ihlule iBenin komunye umdlalo wokugcina waleli qoqo. 

IBenin ihlezi phezulu ngamaphuzu angu-17 kanti iNigeria isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-14. Imiphumela yanamuhla iyona izosho ukuthi iliphi iqembu lesizwe elizoya e-South America phakathi kweBenin, Bafana Bafana neNigeria.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose