News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

UMNYANGO UVUNDULULE ABE HIP HOP

UMNYANGO UVUNDULULE ABE HIP HOP
Amaciko omculo weHip Hop aphume ngobuningi bawo ezoncintisana eMusic House KZN, namhlanje. 

Lomncintiswano uxhaswe ngumnyango wezeMidlalo,  ezobuCiko namaSiko ngaphansi kukaNgqongqoshe wawo uMntomuhle Khawula.

Yize likade liyidliva kodwa abathandi beHip Hop benze isiqiniseko sokuthi bayafika.

Lomncintiswano bewuhanjelwe nawuZakwe osemnkantshubovu kwi Hip Hop, engelinye lamajaji.

Abangu 10 abazowina bazohlanganiswa nezimbongi ukuthi baqophe ingoma ngokuhlanganyela. USiyabonga Mpungose kuthiwa uzokube ekhona naye.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo