News Avenue
Sports / Ezemidlalo

UMNGQITHI UKHALE NGE VAR BESHAWA ICHIEFS

UMNGQITHI UKHALE NGE VAR BESHAWA ICHIEFS
Lindokuhle Ngcobo 

UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows uManqoba "TV" Mngqithi ubalise ngokungabibikho kweVideo Assistant Referee (VAR), iqembu lakhe lishawa iKaizer Chiefs ngo 1-0, emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium, eGoli izolo. Amakhosi anqobe lo mdlalo ngegoli lika-Eden McCarthy, alishaye esiwombeni sokuqala. 

Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo uMngqithi uveze ukuthi, iPSL isazoqhubeka nokuba nezinkinga uma ingafuni ukusukumela phezulu udaba lweVAR. Wathi amaqembu asebenza kanzima ukwenza amalungiselelo emidlalo. 

"Uma ufuna ukubona ukuthi igoli lishawe emhlabeni ongafanele (offside), qale ubuke ngesikhathi ibhola likhahlelwa uSilva. Vele u-Eden McCarthy ubesesemhlabeni ongafanele. Uhlulwe emdlalweni, akekho onendaba, ungenelwa igoli abantu bathi awuvali kahle emuva," kuchaza uMngqithi.

Eqhube uMngqithi uthe ibhola selishintshile manje, ngeke agxeke unompempe nethimba lakhe(unompempe). Wagcizelela ukuthi kumele isukenyelwe iVAR ngoba kudlalelwa imali engu R20 million kwiligi.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose