News Avenue
Sports / Ezemidlalo

UMLANDO OMNCANE NGE SPAIN

UMLANDO OMNCANE NGE SPAIN
LINDOKUHLE NGCOBO 

I-Spain izoba nethuba elihle lokuzama ukuvikela isicoco seNdebe yoMhlaba ekhaya, njengoba ingenye yamazwe ayinhloko azosingatha lo mqhudelwano ngonyaka ka-2030.

Lokhu kulandela ukuthi iSpain inqobe iNdebe yoMhlaba ishaya i-Argentine ngo 1-0, eNew York New Jersey Stadium,  e-USA izolo. Igoli leSpain lishawe uFerran  Torres ngomzuzu ka-106, ngemuva kokunikezwa ibhola nguNico Williams. ISpain inqobe le ndebe enkulukazi emhlabeni okwesibili, njengoba inqobe eyokuqala ngonyaka ka-2010, ishaya iNetherlands ngo 1-0, eNingizimu Afrika. 

Lo mqhudelwano omkhulu uzoba ngowokuqala emlandweni ukubanjwa emazweni asemazwenikazi ahlukene ayisithupha, lapho iSpain izosingatha khona iningi lemidlalo ngokuhlanganyela nezwe iPortugal neMorocco. Lokhu kusho iSpain sisethubeni lokuqopha umlando wokuvukela indebe yoMhlaba ekhaya(eSpain).

 Nakuba iSpain, iPortugal neMorocco beyibona abasingathi abakhulu, imidlalo emithathu yokuqala izodlalelwa e-Uruguay, e-Argentina naseParaguay. Lokhu kuzoba yingxenye yokugubha iminyaka engu-100 kwaqala indebe yokuqala yomhlaba, eyayibanjelwe e-Uruguay ngonyaka ka-1930.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose