News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

UMINNIE UFUNA UMACG NOSOL BAGEZE IGAMA LAKHE

UMINNIE UFUNA UMACG NOSOL BAGEZE IGAMA LAKHE
SIZO BLOSE 

Sekuvele ukuthi umethululi wezinhlelo odumile, uMinnie Dlamini, ufuna R2.5 million kuMacG no Sol Phenduka.

 Lokhu kulandela ukuthi bakhuluma kabi ngaye kolunye lohlelo iPodcast & Chill.

Ngalolu suku uMacG noSol bathi isitho sangasese sikaMinnie siyanuka yingakho ebalekelwa abesilisa kumbe bengahlali isikhathi eside abantu abathandana naye.

Lokhu akuhlalanga kahle ngisho kubantu baseNingizimu Afrika, abasigxeka kakhulu isenzo sikaMacG kwazise wayengaqali ukukhuluma kabi ngoMinnie.

Kunesikhathi lapho avele wathi khona uMinnie uyilentombazane elala nabesilisa ukuze athole umsebenzi, waze wagagula neChannel kapho uMinnie ayesebenza khona, ethi lowo msebenzi wawuthola ngokulala nesinye sezikhulu.

Kuthiwa uMinnie kulo uR2.5million, uzothatha imillion kube elakhe ebese ethatha uR1.5 million anikele ngawo esikhungweni salabo abaswele.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo