News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

UMINNIE NTULI UBONGA IGAGASI FM NGETHUBA LESIBILI

UMINNIE NTULI UBONGA IGAGASI FM NGETHUBA LESIBILI
Ubonga iGagasi FM ngethuba lesibili umsakazi obesahlatshiswe ikhefu. Kuzokhumbuleka ukuthi kwaba nesivunguvungu nomsindo omkhulu ngesikhathi uMinnie Ntuli echukuluzana noLondie London ohlelweni iReal Housewives of Durban.

Kwabaningi kwabonakala kunguMinnie owasusa udweshu nokwabeka isithombe sobuxhwanguxhwangu nokuhluleka ukulawula imizwa yakhe.

Abalandeli bohlelo nabathandi beGagasi FM, lapho enza khona uhlelo i-Uprising no Felix Hlophe, bafaka ingcindezi yokuthi axoshwe kulo msakazo ngenxa yokuziphatha kwakhe.

Ube esemiswa amasonto amahlanu kulo msakazo ngenxa yokuziphatha bugadalala.
Isigwebo sakhe kuyacaca ukuthi sesiphelile njengoba kulindeleke ukuthi abuyele ohlelweni abebanjelwe kulona uNkuli Mbatha  Mbatha.

"Ngibonga ithuba lesibili engilinikwe abaphathi bami. Ngikwazile ukuzihlola ngazibheka ngabona ukuthi ngingubani," kusho lomsakazi owathusa abaningi ngendlela aziphatha ngaye. 

Abaphathi bomsakazo bathi bayitholile incwadi kadokotela eqinisekisa ukuthi usekulungele ukubuyela emsebenzini uMinnie kanti ngasohlangothini labammeli bakhe, bakuqinisekisile ukuthi azikho izinyathelo zomthetho athathelwa zona. Lomdakazo uphethe ngokubonga uNkuli Mbatha ngokubamba.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo