UMASKANDA UKHANKASELE UKHUZANI
UKhuzani uqokwe ngengoma yakhe ethi 'Umanikinikana". Enandisa emshadweni kaMnuz Jabulani Mvelase noNKk Qaliwe Mbatha Mvelase eZihlabeni, eNkandla izolo, uDSD unxuse abantu ebebehambele lo mshado ukuba bavotele uKhuzani.
"Bantu bakithi niyazi angithi ukuthi omunye uzakwethu waseNkandla uqokwe kuMetro FM Music Awards, ngicela nimenzele iqiniso nimvotele indondo ibuye lana eNkandla," kubeka uDSD.
Phambilini laba baculi bake bagadlana ezingomeni zabo, ngemuva kokuthi bobabili bashiye inkampani Izingane Zoma ababeqopha ngaphansi kwayo.
Abanye abaculi baMaskandi, abaqokwe kwiBest Maskandi uMzukulu ft Intombi yasoLundi- Ubu ghost bami; Umafikizolo-Uzoncengwa unyoko; Siminofu ft Zee Nxumalo-Sajola kamnandi noSiya Ntuli -Amaphiko. Umcimbi iMMA26 uzoba ngomhlaka 25 April 2026, e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.