News Avenue
Sports / Ezemidlalo

UMAKHOYE UVUMA INDUKU ESHAWA I-SUNDOWNS

UMAKHOYE UVUMA INDUKU ESHAWA I-SUNDOWNS


UMQEQESHI we-Orbit College uPogiso  Makhoye uvume induku yeMamelodi Sundowns, ebashaye ngo 0-2, emdlalweni weBetway Premiership e-Olympia Park, eRustenburg izolo.

Amagoli Amasandawana ashawe nguMiguel Reisinho no-Iqraam Rayners ngesiwombe sesibili.

Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo uMakhoye, utshele iSupersport TV ukuthi bebengekho ngaphansi kwengcindezi.  

"Kwesinye isikhathi uthi uma ubuka imidlalo efana nalena, uvele ubone ukuthi uzohlulwa. Kukhona amaqembu othi uma uwabuka, ubone ukuthi kukhona ongakuthola kuwona kodwa lena (Mamelodi Sundowns)  iseqophelweni eliphezulu," kubeka uMakhoye.

UMswenko Boys uhlezi endaweni yesi 15 kwilogi, ngamaphuzu angu 18 emdlalweni engu 21. Kuthi iSundowns ihlezi esicongweni ngamaphuzu angu 47, emdlalweni engu 20.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose