News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

UMAKHOSI KHOZA USEPHETHE UMSAKAZO

UMAKHOSI KHOZA USEPHETHE UMSAKAZO
Umsakazi omkantshubovu nosebenzele imisakazo eminingi kulesi sifundazwe, uMakhosi Khoza, usemenyezelwe njengoMphathi omusha weRise FM.

Sekukaningi uMakhosi eyamaniswa nemisakazo eminingi nobekugcina kungenzakalanga. 

Uke wayamaniswa noKhozi FM njengomunye wabazophatha izinhlelo kodwa kwacaca ikuthi amampunge lawo.

Abaningi uMakhosi  Khoza bazomkhumbula esakwi East Coast Radio, wasuka lapho wajoyina iP4, waya kwiRadio 2000, wadlulela  eVuma FM wangcina ekwiGagasi FM njengomunye wabaphathi njengoba esevumbuka kwiRise FM esakazela eMpumalanga.

Lomsakazo uke wasetshenzelwa uVictor Rose Majola, uDJ Sbu, Robert Marawa Zookey Zarling nabanye abaningi
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo