News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

ULEBO M UHLONIPHA UMSHENGU WAMAMBAZO

ULEBO M UHLONIPHA UMSHENGU WAMAMBAZO
SIZO BLOSE 

Uqhubeke ngaphandle kwezihibe umcimbi wokuhlonipha umsunguli weLadysmith Black Mambazo, uJoseph Shabalala obewubanjelwe eBallito, eT Junction izolo.

Kuke kwaba nemibiko yokuthi amanye amalungu omndeni kaMshengu aweneme ngalo mcimbi wokuhlonipha uMshengu nowenziwa umakadebona endimeni yomculo Lebo M.

Elandisa abezindaba izolo Lebo M uthe, kudala enesifiso sokuhlonipha uMshengu njengomuntu amthanda kakhulu.  "Ngibe sengihlangana nenkosana kaMshengu, uNkosinathi Shabalala owawuthokozela kakhulu lombono wavuma ukuthi awenzeke,"kuchaza Lebo M.

Uthe unethemba lokuthi ngomhlaka 24 azokube ekhona amalungu eLadysmith Black Mambazo ezozibonela lomcimbi ozokube usePlayhouse, uhambisana nabaculi abahlukahlukene okubalwa kubo uBig Zulu, Black Diamond, uMnqobi Yazo, Naima Kay nabanye.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo