News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

UKHUZA IBUYA OWE TSHATHA MUSIC FESTIVAL

UKHUZA IBUYA OWE TSHATHA MUSIC FESTIVAL


UKHUZA ibuya umcimbi iTshatha Music Festival kulo nyaka. 

Lo mcimbi ohlelwa iTshatha Ngobe Foundation uzoba ngomhlaka 29 December 2025, eLindizulu Stadium, KwaNongoma. Ngemuva kokwethulwa ngokusemthethweni namuhla eMusic House KZN, eThekwini. 

Ekhuluma esithangamini sabezindaba umhleli walo mcimbi, uKhathide "Tshatha" Ngobe uveze ukuthi lo mcimbi usuzoba minyaka yonke. Wathi sezingumlando izihibe ebeziphazamisa lo mcimbi owaqala ngonyaka ka-2021.

"Sithanda ukuxolisa kubaculi esingakwazanga ukubaqasha. Abaculi baningi kakhulu  kodwa umcimbi esingakwazanga ukubaqasha kulo nyaka sizoba nabo ngonyaka ozayo (2026)," kubeka uTshatha.

Eqhuba unxuse abaculi ukuthi basebenze ngokuzikhandla ukuze bezokwazi ukuba yingxenye yemicimbi ekhokhelwayo.

Abaculi abazondisa kwiTshatha Festival Music ilaba:Somnandi, Big Zulu, Mthandeni SK, Khuzani, Jumbo, Dladla Mshunqisi, Bahubhe, Ntencane, Gatsheni, Mzukulu, Mjolisi, Menzi, Inkosiyamagcokama, Umafikizolo, Amaqwabe Twins , Mbeje, Sminofu, Siya Ntuli,  Njabulo Langa, Mdumazi, Dumakahle, Jaiva Zimnike, Mlabalaba, Mayoghurt, Stabhilithi,  Mthembeni, Malini, Swidi  Gcabashe, NND International , iJongo Elihle, MfokaMsezane namanye amaculi abaningi.

Amathikithi abiza inani lika-R100 kuyaphezulu eShoprite(Cumputicket),  PicknPay(Webtickets) naseSpar (Ticketpro).
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo