News Avenue
Sports / Ezemidlalo

UJORDAAN UTHI AKUKHO OSEKUNGAPHAZAMISA IBAFANA BAFANA

UJORDAAN UTHI AKUKHO OSEKUNGAPHAZAMISA IBAFANA BAFANA
UMengameli we-SAFA uDkt Danny Jordaan uthi iBafana Bafana isikulungele ukubhekana neMexico emdlalweni wokuvula iNdebe Yomhlaba yeFIFA yango-2026 e-Aztec Stadium, eMexico ngehora lesi 21h00.

“Ngikhulume nabadlali. Namuhla sifuna ukuzinikela, uthando nokugxila. Bazodlala phambi kwabantu abangu-88,000 kodwa abalandeli bethu abangu-80 banele ukulingana nomsindo wabaseMexico,” kusho uJordaan.

Uthe abadlali banolwazi lokunqoba ezinkundleni ezinzima. Wathi kumele bakhumbule ukuthi balingana nanoma ubani emhlabeni.

UJordaan uqhathanise lo mdlalo nowango nyaka ka-2010 eFNB Stadium, eGoli. Uthe ugqozi lwabantu baseMexico luyamangalisa, ikakhulukazi ngemuva kokuthi iBafana isayindele ijezi lomfana wasePachuca.

Ngokulungiselela, uthe imidlalo emithathu yokuzilolonga yayiwukuhlola abadlali. “Namuhla umqeqeshi uzokhipha iqembu elizoletha udumo.”

Ugcizelele ukuthi iBafana yangena kwiWorld Cup naphezu kokudonsa amaphuzu amathathu, yaqeda ihamba phambili eqenjini.

“Lokho kukhombisa ukuzimisela esikufunayo kwiWorld Cup. Ngibafisela okuhle,” kuphetha uJordaan.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose