News Avenue
Sports / Ezemidlalo

UBROOS USHIYE PHANSI KWESOKUQEQESHA IBAFANA

UBROOS USHIYE PHANSI  KWESOKUQEQESHA IBAFANA
LINDOKUHLE NGCOBO 

Umqeqeshi uHugo Broos waseBelgium useshiyile esikhundleni sakhe sokuba ngumqeqeshi weBafana Bafana.  Lokhu iSAFA esingathangamini sabezindaba, eSAFA House, eGoli namhlanje. 

Ekhuluma uMengameli weSAFA uDkt Danny Jordaan ubonge umsebenzi owenziwe nguBroos eminyakeni emhlanu.

"Ngifuna ukuthi ngiyabonga kakhulu Hugo ngomsebenzi wakho," kubeka uJordaan. 

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-74 ubudala ushiye iqembu lesizwe lisezingeni eliphezulu. Ngaphansi kukaBroos iBafana Ifinyelele emzuliswaneni wama-32 weNdebe yoMhlaba, okuyinto eyingqophamlando eqenjini lesizwe. Uthole(uBroos) indondo yethusi ku-AFCON 2023. Ubeke irekhodi lokuba ngumqeqeshi ohlale isikhathi eside kunabo bonke emlandweni weBafana, njengoba ehlale iminyaka emhlanu.

Okwamanje iSAFA ayikamemezeli ngokusemthethweni  ozoba ngumqeqeshi weBafana, nokho kulindeleke ukuthi imemezele maduze. Kukhona amahlebezi athi, umqeqeshi uPitso  Mosimane nguyena ozothatha izintambo kwiBafana.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose