News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

UBONGA ABALANDELI EQASHWA KWIMPUCUZEKO MASKANDI FESTIVAL

UBONGA ABALANDELI EQASHWA KWIMPUCUZEKO MASKANDI FESTIVAL
LINDOKUHLE NGCOBO 

UBONGA uthando labalandeli umculi kaMaskandi uMzomuhle "Gcabashe Swidi" Mnyandu waseNquthu eqashwa emcimbini Impucuzeko Maskandi Festival. 

Lo mcimbi uzoba ngoMgqibelo mhlaka 30 August 2025, eMoses Mabhida People's Park, eThekwini. 

UGcabashe uqashwe okokuqala kulo mcimbi womculo wesintu omkhulukazi, ngemuva kokukhulunyelwa kahle ngabalandeli bemcelela ukuthi abayingxenye yalo mcimbi. 

"Ngibonga abalandeli bami, nabalandeli bonke bakaMaskandi. Bafowethu angazi ngingabonga ngithi izithupha zenu zokubhala niphakamisa ukuthi iSwidi nalo alibe khona, isiphakamiso senu siphumelele ngizobakhona kwiMpucuzeko MaskandiFestival," kubeka uGcabashe kwividiyo ayifake ekhasini lakhe likaFacebook. 

Eqhuba uGcabashe uthe ulamukela ngezandla zombili ithuba lokuqashwa kulo mcinbi.

Abanye abaculi abazonandisa emcimbini Impucuzeko Maskandi Festival ilaba: Gatsheni, Stabhilithi, Mzukulu, Somnandi, Khuzani, Njoko, Menzi, Mjolisi, Jaiva, Mfezemnyama, Jumbo, Limit, Amageza Amahle, Nkosiyamagcokama, Ithwasa Lekhansela, Bahubhe, Sminoff, Mashelela, Mroza, Mfiliseni Magubane, Ntencane, Falabo, Mdumazi, Imithente, Izingane zoma, Buselaphi, Inyon'Emhlophe, Ndoni, Saliwa, Mafikizolo, AmaNND, Ali Mgube, Amavikelambuso Dumakahle, Qhosha, Cevuzile, Mkhulekelwa noSikweletu. 

Amathikithi alo mcimbi asatholakala eComputicket ngo-R150.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo