News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

UBHEKE KWI COMRADE MARATHON OWEQEMBU LOMCULO

UBHEKE KWI COMRADE MARATHON OWEQEMBU LOMCULO
Sizwe Blose 

Umculi weqembu lomculo, i-Afro Soul, uSabelo Ngema ophinde aziwe ngeKabawo Academy, uthi akajiki uyayingenela iComrade Marathon.

INews Avenue ihlangane naye kwenye yezindawo zokuzivocavoca. 

Uthe kulonyaka una-46, kuyinto abelokhu ezibekele yona ukuthi angafiki ku-50 engayingenelanga iComrade Marathon.

"Nginakho vele ukuyingenela imicintiswano yokugijima kodwa iComrade bengingakaze ngiyingenele," kuchaza uSabelo.

Uthe ukuzivocavoca kunokukhulula nomqondo, kwazise inkulu ingcindezi ekhona njengoba kuphilwa.

USabelo useke wangena emgwaqeni esuka eThekwini waze wayongena ePort Edward.

 "Manje sengiluqalile uhambo lokulungiselela iComrade. Ngike ngizitshele nje ukuthi, uNkulunkulu usiphe konke, akukho okungesehlula uma sizinikela kukona. Ngiyazi abanye abantu bayibukela kude iComrade, uma abanye beyishaya kungani singayizami nathi," kusho uSabelo osanda kubuya ohambweni abenalo eChina, nosanda kukhopha ingoma entsha ebambisenw nonkosikazi wakhe uThandeka Zulu odume ngelika MaZulu
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo