News Avenue
Sports / Ezemidlalo

OWESEKHUKHUNE UBHODLA UMLILO NGOKUSHAWA NGESITHENDE ICHIEFS

OWESEKHUKHUNE UBHODLA UMLILO NGOKUSHAWA NGESITHENDE ICHIEFS
LINDOKUHLE NGCOBO 

UMGADLI weSekhukhune United uBradley Grobler, uthi kumnandi ukukora igoli ubhekene neqembu elanqaba ukukusayina ngoba  lithi  'uyikhehla' eminyakeni engu-6 eyedlule. 

Lo mgadli oneminyaka engu-37 ubudala ukhulume kanje ngemuva kokushaya amagoli amabili iBabina Noko ishaya Amakhosi ngo 3- 1 emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium, eSoweto izolo.

Elinye igoli leSekhukhune lishawe uThabang Monare kanti eleChiefs lishawe uFlavio Silva.

"Kuyajabulisa ukushaya amagoli ubhekene namaqembu afana nalawa. Sidlale ngokuzimisela ngeke sizifake ngaphansi kwengcindezi, siyazi kunzima ukunqoba yonke imidlalo kodwa sizimisele ukulwela isicoco seligi. Namuhla(izolo) sikukhombisile lokho ngiyazi kusekude ukuthi iligi iphele," kubeka uGrobler obengumdlali ovelele kulo mdlalo. 

Lo mphumela ubeke iBabina Noko esicongweni selogi, ngamaphuzu angu-16 emdlalweni eyisithupha. Ngakolunye uhlangothi iChiefs ilahle irekhodi layo lokungangenelwa goli ngemuva kwemidlalo emhlanu nokungadliwa kule sizini.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose