News Avenue
Sports / Ezemidlalo

OWEBAFANA UXWAYISA NGAMANDLA E-SOUTH KOREA

OWEBAFANA UXWAYISA NGAMANDLA E-SOUTH KOREA

LINDOKUHLE NGCOBO

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, uvume ngaphandle kokungabaza ukuthi iqembu lakhe(iBafana) libhekene nomsebenzi onzima njengoba lizodlala neSouth Korea.

Lo mdlalo wokugcina esigabeni samaqoqo weNdebe Yomhlaba uzodlalelwa e-Estadio BBVA, eGuadalupe, eMexico, ngoLwesine ngehora lesi-3:00 ekuseni ngesikhathi saseNingizimu Afrika. I-Bafana ihlezi endaweni yesine ngephuzu elilodwa kuGroup A, iSouth Korea ihlezi endaweni yesibili ngamaphuzu amathathu.

UBroos uchaze iSouth Korea njengeqembu elibekezelayo nelingapheli amandla.

“Abadlali baseSouth Korea banjengamabhethri ohlobo iDuracell, bayagijima umdlalo wonke. Amaqembu ase-Asia ahlelekile futhi ayingozi kakhulu uma ehlasela. Kufanele sizimisele ngokugcwele.” kusho uBroos ngesikhathi ekhuluma ngamalungiselelo.

Nakuba evuma ukuthi kuzoba nzima, uBroos ukholwa ukuthi iBafana ingawunqoba lo mdlalo uma ingaqhubeka ngendlela edlale ngayo ngesikhathi ibhekene neCzechia.

IBafana idinga ukunqoba ukuze iqhubekele phambili emqhudelwaneni. UBroos ugcizelele ukuthi ngeke bathembele emiphumeleni yeminye imidlalo.

“Asinakubala amanye amaqembu. Kumele singene enkundleni sizele ukunqoba kuphela,” kubeka uBroos.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose