News Avenue
Sports / Ezemidlalo

OWEBAFANA USALE EDANGELE NGESINQUMO SIKANOMPEMPE

OWEBAFANA USALE EDANGELE NGESINQUMO SIKANOMPEMPE


USEPHUMELE obala wagxeka isinqumo sikanompempe umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos. Lokhu kulandela iphenathi etholwe i-Egypt ngesikhathi ishaya iBafana ngo 1-0, emdlalweni we-AFCON Group B, e-Estate Adrar, Agadir  eMorocco, namuhla. 

Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo uBroos ubize isinqumo sikanompempe ngehlazo.

"Ngisho uMo Salah emva kwalo mdlalo, uthe kimi naye umangele ukuthi kubeyiphenathi. Kuyihlazo, ihlazo langempela," kubeka uBroos ngokudinwa.

I-Egypt ithole iphenathi ebekwe enethini uMohamed Salah ngomzuzu ka-44, ngemuva kokuthi uKhuliso Mudau eshaye ngesandla esweni uSalah. Unompempe uthathe isinqumo sokunikeza ezikaFaro iphenathi ngokusizwa iVAR.

Lo mphumela ubeke i-Egypt esicongweni ngamaphuzu angu-6, ilandela iBafana namaphuzu angu-3 kubeyiZimbabwe ne-Angola abanephuzu elodwa iqembu ngelinye.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose