News Avenue
Sports / Ezemidlalo

OWE TS GALAXY UKHALE NGEPHENATHI BESHAWA IPIRATES

OWE TS GALAXY UKHALE NGEPHENATHI BESHAWA IPIRATES
LINDOKUHLE NGCOBO 

UMQEQESHI weTS Galaxy u-Adnan Beganovic ukhale ngesinqumo sikanompempe sokunikeza i-Orlando Pirates iphenathi. 

Lokhu kwenzeke ngesikhathi amaRockets eshawa iPirates ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto izolo. 

Ngemuva kwalo mdlalo uBeganovic uthe ukholelwa ekutheni bekungafanele Ezimnyama zithole iphenathi. 

"Angifuni ukusola kakhulu i-Orlando Pirates, idlale kahle kakhulu kodwa isinqumo sikanompempe asingigculisi. Angifuni ukukhala kakhulu ngizokwamukela, siqhubeke nemidlalo elandelayo," kubeka uBeganovic. 

Le phenathi ekhalisa uBeganovic, itholwe iPirates ngemuva kokuthi uKaputeni weTS  Galaxy uMlungisi Mbunjana, edlalise kabi uMasindi Nemtajela obengumdlali ovelele. 

Kube sekusuka u-Evidence Makgopa wayivalela(iphenathi) phakathi ngomzuzu ka-20. 
 Lo mdlalo ushube zisuka, womabili amaqembu akhombise ukuthi azolelwa amaphuzu amathathu.

I-Pirates ithole amathuba amaningi kodwa unozinti wamaRockets u-Iran Eliezer Tape wala ukhasha. Lokhu kuholele ekutheni iTS Galaxy icindezele ngamandla ngethemba ifuna ukuthola igoli lokulinganisa. Nokho igcine ingalitholanga(TS Galaxy), njengoba kugcine kube Ezimnyama ezithole igoli lesibili, elishawe nguTshegofatso Mabasa ngekhanda ngomzuzu ka 90+4. 

Lo mphumela uthathe iPirates wayibeka endaweni yesithathu kwilogi.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose