News Avenue
Sports / Ezemidlalo

OWE-PIRATES UBONA UBUNGOZI KWI-ORBIT COLLEGE FC

OWE-PIRATES UBONA UBUNGOZI KWI-ORBIT COLLEGE FC
LINDOKUHLE NGCOBO 

IPHINI likamqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi lithi, lilindele ubunzima emdlalweni weBetway Premiership phakathi KweZimnyama ne-Orbit College FC e-Orlando Stadium, eSoweto namuhla ngo-7:30 ebusuku. 

Lawa maqembu azobe ehlangana okokuqala njengoba iMswenko Boys ingomakoti kwiBetway Premiership. 

Ekhuluma ngalo mdlalo uNcikazi uthi kubalulekile ukungayithatha kancane i-Orbirt College FC. 

"Ubungozi bokudlala imidlalo efana nalena ukucabanga ukuthi ngeke ubhekane nobunzina kanti leli qembu(Orbit College) linesipiliyoni. Linabadlali abafana noKoapeng, eswini khona uMatsemela unozinti osezingeni lomhlaba waseLesotho (uSekhoane Moerane). Uma ubuka abadlali babo uyabona ukuthi iqembu elinesipiliyoni kakhulu, okwethu(Orlando Pirates) ukudlala ngokuzimisela sithole amaphuzu amathathu ekhaya," kuchaza uNcikazi. 

Kulo mdlalo uzobe engekho uMonnapule Saleng, Yanga Madiba noThuso Moleleki ababolekiswe iPirates kwiMsweko Boys, laba badlali abavunyelwe ukudlala uma leli qembu libhekene neZimnyama.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose