News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

OWASE SOWETO UNYAKAZISA UMHLABA NGEPHIMBO

OWASE SOWETO UNYAKAZISA UMHLABA NGEPHIMBO
LINDOKUHLE NGCOBO 

 Iciko laseMeadowlands, eSoweto uRainym, liyaqhubeka nokubeka umculo wase-Afrika emabalazweni omhlaba.

Lona wesifazane uqale ukurekhoda ngonyaka ka-2022, njengoba namuhla esenegama elaziwayo. Umculo kaRainym uhlanganisa i-AfroSoul, i-Afrobeat, i-Amapiano, i-Afrohouse ne-Afrotech, edala umsindo onenhloso.

I-EP yakhe(Rainym) yakamuva ethi-6th Floor, ithathwa njengenguquko enkulu emsebenzini wakhe. Ngale komculo, u-Rainym uyisishoshovu, umbhali  nosomabhizinisi ogxile ekuthuthukisweni kwentsha, empilweni yengqondo nobunye be-Afrika.

“Ngifuna ukuba kuzo zonke izinkundla nemicimbi. Ngifuna umculo wami ufinyelele kubantu abaningi futhi udlale emhlabeni wonke,” kusho uRainym.

Abahlaziyi bathi uRainym akayena nje umculi, bamchaza njengomakhi wamasiko wesikhathi samanje.

Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo