News Avenue
Sports / Ezemidlalo

OWALAXAZA IPIRATES ZIFIKE ZAMUBHIMBELA IZINTO E-EGYPT

OWALAXAZA IPIRATES ZIFIKE ZAMUBHIMBELA IZINTO E-EGYPT
SIZO BLOSE 

Azihambanga kahle izinto ku Jose' Riveiro e-Egypt, njengoba i-Al Ahly  ithathe isinqumo sokuthi imkhombe indlela ayefike ngayo kuleli qembu. 

Lomqeqeshi owashiya i-Orlando Pirates eyibeke esicongweni futhi ethandwa kakhulu abalandeli bayo, wayilaxaza waphuthuma amadlelo aluhlaza kanti zizofike zibhimbe izinto.

Uxoshwa nje, kuvela ukuthi iqembu ayeseliqeqesha beselidlale imidlalo engu 7 lawina owodwa vo. Lokhu kucacisele abaphathi ukuthi ayikho lento kwazise nabalandeli besebeqalile ukuveza ukungenami kwabo ngalomqeqeshi.

Okwamanje akwaziwa ukuthi uzojoyina liphi iqembu, nanokuthi usengabuyela yini kuleli uma ethola umsebenzi.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose