News Avenue
Sports / Ezemidlalo

LILENGELA EWENI IKUSASA LIKA CARDOSO KWISUNDOWNS

LILENGELA EWENI IKUSASA LIKA CARDOSO KWISUNDOWNS
LINDOKUHLE NGCOBO 

LILENGELA eweni ikusasa likaMiguel Cardoso ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns. Njengoba kuvela ukuthi namuhla ubizelwe(uCardoso) emhlanganweni ophuthumayo wabaphathi beSundowns, mayelana nendlela iqembu elidlala ngayo. 

Leli qembu laseChloorkop liphoxe abalandeli balo lishawe iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza izolo. 

I-Sundowns esithathe isicoco seligi amahlandla angu-8 kulandelana, iyiqale ngezinga eliphansi le sizini, uma kuqhathaniswa namasizini edlule lapho ebiqoqa amaphuzu agcwele zisuka imidlalo ilandelana.

Lokhu sekuholele ekutheni abaphathi beDowns beshaya amakhala ngoCardoso, odlale ngokulingana neChippa United, Kaizer Chiefs neMarumo Gallants. Lo mqeqeshi  waphinde wahluleka ukufinyelela kowamanqamu weMTN 8.

UCardoso uqale ukunuka iqaqa kubalandeli beBafana Ba'Style ngesikhathi leli qembu lishaywa iPyramids SC kowamanqamu weCAF Champions League. I-News Avenue yabika ngokugxekwa kwalo mqeqeshi ngesinqumo sokungadlalisi uThemba Zwane noPeter Shalulile.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose