News Avenue
Sports / Ezemidlalo

KWETHULWE I-NATAL SCHOOLS LEAGUE ETHEKWINI

KWETHULWE I-NATAL SCHOOLS LEAGUE ETHEKWINI

Sompisi Ntuli

Namuhla i-Natal Schools League yethulwe e-Onomo Hotel, enkabeni yeTheku, ngaphansi kwesihloko, ‘Sibagoba nge diski.’

Lo mqhudelwano uzobandakanya amaqembu angu-16 avela ezindaweni ezahlukene zesifunda saseThekwini, okubalwa kuzo i-Durban South, Durban North, Durban Central, Durban West kanye ne-Durban Central.

Kulindeleke ukuthi lo mqhudelwano ubandakanye abadlali abaneminyaka ephakathi kuka-14 no-19 ubudala.

“Iphupho lethu lifezekile, ukuthi sikwazi ukwethula lo mqhudelwano, njengoba ibhola likanobhutshuzwayo liwumdlalo ohlanganisa umphakathi,” kusho u-Andile Caluza, umengameli we-Natal Schools League.

“Liyindawo enhle ezinganeni, abahloli bamakhono, futhi ukusiza ekulweni nezinkinga zomphakathi,” kuqhuba uCaluza.

Lo mqhudelwano okwamanje uzogxila ezikoleni zamabanga aphakeme  eThekwini.

“Thina njengeKwaZulu-Natal High Schools Football Association (KZNHSFA) silapha ukuzophakamisa, ukuxhasa, nokuqinisekisa ukuthi lolu hlelo luyaqhubeka," kusho uSibongiseni Nzama, uNobhala Jikelele weKZHSFA.

Lo mqhudelwano uzosebenzisa uhlelo lapho abadlali bezobhaliswa besebenzisa izitifiketi zabo zokuzalwa kunokusebenzisa omazisi, ngenhloso yokubhekana nenkinga yokukhwabanisa ngeminyaka.

Kusazobonakala ukuthi iligi izoqala nini, njengoba kusenzeka izingxoxo phakathi kweNatal Schools League nezikole ezahlukene zamabanga aphezulu, ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zemidlalo aziphazamisani nezikhathi zezivivinyo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose