News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

KUZOSWEKWA NGEPHINIFA KOWOKUBUNGAZA IMBOKODO

KUZOSWEKWA NGEPHINIFA KOWOKUBUNGAZA IMBOKODO


LINDOKUHLE NGCOBO 

LIZOSHAYA ngelinye igiya iPhinifa & Sneakers Affair, ezoba ngosuku lwabantu besifazane ngoMgqibelo mhlaka 9 August, eMahobza's car wash and Shisanyama, KwaMashu.

Kulindeleke ukuthi bonke abesifazane abazohambela lo mcimbi ozobe wenzeka okokuqala, bahlobe ngengqephu yamaphinifa namateki.

Umgqugquzeli walo mcimbi uDJ 2Short utshele iNews Avenue ukuthi ufuna ukuhlanganisa abesifazane, babungaze usuku lwabo ngomculo njengoba kuzobe kunandisa uDJ C'ndo, DJ Happygal, DJ 2Short, Yayah, kanye no-Encore. 

"Ngifuna kube usuku olumnandi kithi singabantu besifazane. Ngikhethe ingqephu yephinifa ngoba ngikholelwa ekutheni iPhinifa liyimpahla ebukeka ngesizotha kumuntu wesifazane. Ngifuna sibukake nesizotha nendlela enenhlonipho," kubeka uDJ 2Short

Kuzobe kungenwa mahhala kulo mcimbi, kanti ukungena necooler box kuzobiza inani lika-R120 kuphela.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo