News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

KUZOQHULULWA AMAHLAYA KOWE-NIGHT WITH GRADUATES

KUZOQHULULWA AMAHLAYA KOWE-NIGHT WITH GRADUATES
 

LINDOKUHLE NGCOBO 

KUZOQOPHEKA umlando  emcimbini iNight with Graduates, ozoba ngoLwesihlanu mhlaka 25 July,  eDropkicks Murphys Florida, eThekwini. 

Kulo mcimbi kulindeleke  ukuthi kubungazwe abantu abaneziqu zeMfundo ePhakeme. 

Umhleli walo mcimbi  uThabiso "Moemish" Msomi ungusomahlaya  othole iziqu ze-IT eDUT ngonyaka ka-2019. Uveze ukuthi lo mcimbi kuzoqhululwa amahlaya aqhakambisa impilo yezemfundo.

"Sifuna ukwakha okuhlukile  hhayi ukubungaza kuphela abantu abaneziqu kodwa ukubanika ithuba lokuxhumana, ukukhululeka bekwazi ukujabula bahleke ngaphandle kombandela," esho.

Ephetha uthe kuzobungazwa impilo yakoNgqondonkulu nempilo yanganese.

Abazonandisa kulo mcimbi uMoemish, Gqonqa Mzambiya, Mmangaliso Mhlongo, Kwanda Radebe, Thami Dlamini, Ndu Nkosi noDJ  Athandwa.

Amathikithi adayisa eWebtickets ngo-R100 kuphela. Abazohambela lo mcimbi kunxuswa ukuba bagqoke izimpahla ezikhululekile.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo