News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

KUZOHLONISHWA AMACIKO EMZUMBE

KUZOHLONISHWA AMACIKO EMZUMBE
KUZOHLONISHWA amaciko aseMzumbe,  emcimbini ozobe kungokokuqala ngqa uhlelwa, uMzumbe Maskandi Music Festival ozoba ngoJuni 16 ezinkundleni zemidlalo iSibanini, eMthwalume. 

Lezi zindaba zidalulwe umhleli womcimbi u- Amanda Eve Mseleku ngesikhathi kwethulwa ifestivali kwabezindaba. 

Uthe inhlosongqangi ngokuhlonipha uMjolisi nenkosi  yaseMthwalume uBhekizizwe Luthuli kuzokube kuwukuqhakambisa imisebenzi yabo emihle yokubeka indawo yaseMzumbe kwibalazwe. 

“Ngalomcimbi sihlele ukufukula amaciko asafufusa nawo azithole ngelinye ilanga esezingeni loBahubhe, oMjolisi nawo wonke lawa amanye amaciko asezingeni. Yingakho- ke sithe asisebenzisane nezinkampani ezisebenza namaciko. Inhloso yalokhu ukuthi angagcini nje kuphela esteji kodwa aphinde athole ithuba lokuncela ulwazi kulezi zinkampani futhi aqophe izingoma zawo ukuze nawo angene ngokuphelele emculweni,” kusho lentokazi. 

Uthe iSold Out Media kaXolani Majozi ngenye yezinkampani ezodlala indima enkulu ekufukuleni amaciko endawo. 

Phakathi kwabaculi abazoshiyelana inkundla kulomcimbi kubalwa uMenzi, Nkeshembe, Inkosi YamaGcokama, Khuzani, Ntencane namabanye. 

Umsunguli womcimbi uphinde waveza ukuthi endaweni yaseMthwalume kuzohlomula osomabhizinisi abehlukene okubalwa kubo osomatekisi, yilabo abanezindawo zokulala nalabo abanezindawo zokudlela. 

Amasango ayovulwa ngo- 9 ekuseni. Kanti amathikithi ayatholakala eWebtickets, nasezitolo zegilosa eBoxer nasePick n Pay kusukela R130, R150 nango- R1500. 

Imenenja yezokuxhumana kuMasipala waseMzumbe uMnuz Sabelo Ncwane uwamukele ngezandla ezivulekile umcimbi. Uthe kuyajabulisa ukuthi kwethulwe umcimbi onezinhlelo zokulekelela amaciko nosomabhizinisi bendawo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo